Usizi ngesikhathi sokuvaleleka (IsiZulu translation of Grieving during lockdown)

Kulelisonto umngani wami wezwa ngokudlula emhlabeni kuka nina wakhe. Kunzima ukuba ahlanganyele nomndeni wakhe kulesikhathi sokuzila. Ibanga lokufinyelela khona likude kakhulu. Lokhu kubonakala sengathi kuzoba yinkinga kubantu abaningi kulamaviki ambalwa alandelayo. Abantu abangaphezu noma ngaphansi kuka 1500 bayashona malanga wonke eNingizimu Afrika kulesisikhathi sokuvaleleka. Singazila kanjani ngokufanele ngesikhathi salokuvaleleka na? Kulabo abalahlekelwe izihlobo eziseduze ukuthi bathole usizo lokulibala okubavelele uma singeke sikhone ukuba siduduzane, sibambane, sisekelane? Kunzima ukukhuluma ngaloludaba. Isimo esinzima futhi esingakhulumeki esingafuni nokucabanga ngaso. Kodwa uma singazinikela sibhekisise lesihloko, ukuze singayeki ukuthola izindlela zokusisiza kanye nalabo esibathandayo.

Nayi imibono evumelekile engenziwa futhi engeke ivimbe ukuthi sihlanganyele ndawonye, kodwa sikwazi ukusekela noma ukududuza abashonelwe:

  • Asivumelekanga ukuhamba nomndeni ukuyohlola isidumbu kodwa singabazisa sibatshele ukuthi sinabo siyabacabanga futhi siyabathandazela.
  • Asikwazi ukukhombisa uzwelano namalunga womndeni aseduze ekhaya ngokuba kanye nabo kodwa singathumela imiyalezo.
  • Kungenziwa imikhuleko malanga wonke andulela umngcwabo kulomndeni oshonelwe (Lokhu kungaba isibophezelo ukuthi kwenziwe ngesikhathi esibekiwe ngaphandle kokusebezisa noma sisebenzise i-app or social media.
  • Asikwazi ukuthi sibekhona ukusiza umndeni ngokulungiselela ukudla, kodwa njengasemadolobheni singa kwazi ukuthenga ukudla bese kuhanjiswa khona. Imindeni ekude bangafakelwa imali emabhange.
  • Umzimba womufi awukwazi ukulethwa ekhaya ngaphambi kwelanga lomngcwabo ukuzovaleliswa kodwa omakhelwane bangakhombisa ukuzwelana nabo ngokucula basemakhaya wabo.
  • Asikwazi futhi nokubakhona ngomlindelo kodwa singakwazi ukusebenzisa i on-line app engakwazi ukwenza lomsebenzi womlindelo. Abomndeni banganikezelwa nge data ne airtime ukuze bakwazi ukuxhumana nawo wonke umphakathi.

  • Angeke sikwazi ukuba yingxenye yalabo abangu 50 abakhethiwe ukuba khona emngcwabeni kodwa singakwazi ukwenza inkonzo yesikhumbuzo ngaphambi komngcwabo ngokusebenzisa i-app ekwazi ukuthi abantu bahlanganyele, kungabuye kwenziwe ne video yomngcwabo engakhonjiswa abanye emwa komngcwabo.
  • Kungaqalwa neqembu lokududuzana le whatsapp lapho kungaboniswana noma kukhonjiswane izinto ezimbalwa njenge zithombe, ukukhumbulana, izindaba ezihlekisayo, imkhuba exakile, uhlu lwamaculo athandwayo. Kungabuye kukhunjulwe nama akhawunti we Facebook.
  • Abantu ngokuhlukahlukana bangenza indawo yesikhumbuzo ezindlini zabo ngesithombe salowo ongasekho, kanye nezinye izinto ezingasikhumbuza yena zikhonjiswe nabanye abantu.
  • Angeke sikwazi ukuhlanganyela nomndeni emathuneni ukuze sisize ukugqiba umgodi. Kungaba kuhle ukunikeza umndeni oshonelwe imbali kube yisikhumbuzo sothandiweyo wabo. Imbali ingathathwa engadini uma unayo, singaqala loluhlelo ukuze sikwazi ukunikezela ngalembali uma uvaleleko seluphelile/seludlulile.

Singakwazi ukuxhumana nalomndeni ngezingcingo, nangemilayezo kuze kuphele isikhathi sokuzila nangasemuva kwalokho.

Ngokuhamba kwesikhathi singeza nezindlela eziningi zamasiko amasha angasisiza okwamanje, kuze kufike isikhathi sokuthi sibuye sikwazi ukuhlanganyela ndawonye. Yini ongayifaka/ongayiphonsa esivivaneni?

 

Thanks to Happy Mthimunye and Dudu Mkhize for their work on the translation!

Grieving during lockdown

This week a friend of mine heard that her mother had died. There is no way that she can be physically present to mourn with her family. The physical distance is too far. This is going to be a problem for numerous people over the next few weeks. (Approximately 1500 people died every average day in SA pre lockdown) How can one grieve well under lockdown circumstances? How can we, who have lost a close companion, experience some closure when we cannot reach out to comfort each other, to hold, to hug, to weep on each other’s shoulders? It is a difficult conversation to have. An unspeakable reality we do not want to even imagine. But let us dare to explore this topic now, so that we are not immobilised when some of us need to find a way for our own sake, and for the sake of those we love.

Here are some ideas, that admittedly cannot replace physical presence, but are a way in which we can still support the grieving:

Read More
css.php
Copied!